
Umfowabo kaMbongeni Ngema (ongasekho) usezichithile izinsolo zomshado ezenziwa ngowesifazane okusolakala ukuthi ukhulelwe ingane yale ngqalabutho engumbhali wemidlalo yeshashalazi. Umndeni walombhali wemidlalo yeshashalazi odumile, obengumculi ophinde abe nguphrojusa uMbongeni Ngema uzichithile izinsolo zikaYolanda “Wanda” Moncho zokuthi ungunkosikazi wakhe wesibili.
UNgema, owayeshade noNompumelelo Gumede-Ngema esidlangalaleni ushonele esibhedlela ngemuva kwengozi yemoto ehilela iloli ku-R61 endaweni yaseMbizana e-Eastern Cape ngomhla zingama-27 kuZibandlela. Umfowabo kaNgema uNhlanhla Ngema uthe umndeni ubungazi ngalomshado noMoncho. Uthe akuzwile nje ukuthi kukhona owesifazane obephethe umsebenzi kamfowabo. “Sizwile ngencwadi okuthiwa ibhalwe ngowesifazane kodwa asinalwazi ngokushada kwakhe nomfowethu ngaphandle kokuzwa kuthiwa uyimenenja yakhe. “Okwamanje sigxile ekungcwabeni umfowethu ngakho ezinye izinto sizobhekana nazo ngemuva komngcwabo,” kusho uNhlanhla.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
