
Usomabhizinisi wodumo, uMnuz Wiseman Sbu Mpisane, owake wanikela ku-ANC, unguSihlalo kazwelonke wenhlangano entsha yezepolitiki. UMpisane, owayengumyeni kasomabhizinisi ophinde abe ngusaziwayo, uShauwn Mkhize, uzohola iGap Fixers of South Africa (GFSA) ngaphansi kwesihloko esithi, “A true catalyst for change”. UMpisane uthe unqume ukubamba iqhaza kwezombusazwe ngemuva kokubuka owayenguMengameli uJacob Zuma eboshiwe e-Escourt Correctional Centre eKZN ngoJulayi 2021.
Ngemuva kokuboshwa kukaZuma ngoJulayi 2021, kwaba nodlame nokuphanga eKZN naseGauteng. Kulokhu, kwafa abantu abaningi, kwalimala amakhulu. UMpisane uthe: “Okungizwise ubuhlungu kakhulu wukubona umuntu owalwela inkululeko yethu ethathwa izithupha ejele waboshwa ngemuva kwalokho. Ngangiphatheke kabi ngoba uZuma uboshiwe ngemuva kokuthi engabhekananga nokuqulwa kwamacala.” Yilapho kungena khona iGap Fixers of SA, kusho uMpisane.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
