
Sekuvele izinsolo ezintsha mayelana nesihlabani sizikaqed isizungu kanye nemdlalo yeshashalazi esisanda kudlula emhlabeni uMbongeni Ngema. IBUNDA IZINDABA lihoshwe ngemithombo esondelene noNgema, uMnuz Themba Ndaba, uthe balahlekelwe yimisebenzi eminingi ngenxa yokuthi bebengenayo imali yokubaxhasa.
Utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi izinhlelo zabo zebiwe nokuyinto eyaziwayo kulomkhakha, okubalwa noShaka Ilembe lodumo. “UMadlokovu ngahlangana naye ngo-1991 sisemzabalazweni omkhulu wenkululeko. Ngahlangana naye ematasa neSarafina nokuyinto eyangigqugquzela ukuthi ngingene kulo mkhakha. Sasebenza ndawonye emikhiqizweni eminingi wangisiza kakhulu. okuningi.
” UNdaba uqhube wathi iShakaZulu eyadidiyelwa yiBomb Pictures yaqalwa nguye, uMbongeni nomngani wabo eNew York ngo-2015. Bangiphuca igama lami elithi ‘Inkosi Ilembe’ ngoba awukwazi ukusho inkosi ngegama lakhe bese uthi ‘Shaka Ilembe’,” esho. Uthe kuningi abasakwenza okuhlanganisa ne-documentary ka-Oliver Tambo kanye nekaJacob Zuma. UMbongeni Ngema wayengumoya oyisipho kubantu abaningi baseNingizimu Afrika. kanye nentsha yangaleso sikhathi.” kusho uNdaba.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
