
Amaphoyisa aseMzinyathi ashaqa kwasani okuphazamisa, nokuhlukumeza umphakathi njengoba eqhubeka njalo nokulwisana nobugebengu obuhlukuene. Kuboshwe abasolwa abathathu abaphakathi kweminyaka engu-30-35 ubudala ngemuva kokubanjwa behlaba izimvu epulazini.
Isikhulu sezokuphepha eDundee Rural Sgt Buthelezi waseDundee SAPS, sithole umbiko ngabantu abathathu basepulazini laseNgudlane abebematasa behlaba izimvu. Ekufikeni kwakhe ngosizo lwezikhulu ze-CSC, kanye nomlimi wendawo bathola umsolwa oyedwa uboshelwa ukweba imfuyo nezingubo zakhe zigcwele igazi. Endaweni yesigameko kukukhona izikhumba zezimvu ezintathu.

Ubese esebenzisana namaphoyisa, wawakhombisa lapho ababegcine khona inyama eningi. Ngesikhathi befika lapho obekugcinwa khona inyama kuboshwe abanye abasolwa ababili ngecala lokweba imfuyo okukholakala ukuthi bebehamba nomsolwa ngesikhathi kuhlatshwa izimvu njengoba nabo bebenezingubo ezigcwele igazi. Bonke bagcinwe esiteshini samaphoyisa eDundee. Bavele eNkantolo yeMantshi yaseDundee. UKhomishana Wesifunda u-Major General F Slambert ushayela ihlombe wonke amalungu athintekayo, kanye nobudlelwano obuhle bokusebenzisana nabalimi ekulweni nobugebengu. kanti ngemibuzo nolunye ulwazi ungathintana noConstable Siyabonga Nkwanyana 0785844697/0795001354
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
