
OwayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uhloniphe umufi uMbongeni Ngema ngesikhathi evalelisa kwinkonzo yesikhumbuzo ekade ibanjelwe ePlayhouse, eThekwini.
“Ubefuna ukudala indaba ngempilo yami. Okungizwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi uhambe engavalelisanga’ kusho uZuma.
UZuma ungene emsamo ezodlulisa amazwi endunduzo kanye nawokubonga kulengqalabutho engasekho, ekhuluma ngomlando kaNgema, ubungane abakhe naye kanye nendlela asabela ngayo ngesikhathi eqala ukuzwa ngokudlula kwakhe emhlabeni. Lowo owayengumengameli uJacob Zuma ubengomunye wezicukuthwane ebezihambele inkonzo yesikhumbuzo kaMbongeni Ngema ePlayhouse, eThekwini, kulandela ukushona kwalo mbhali wemidlalo yeshashalazi engozini yemoto ngoDisemba 27.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
