
Mhleli kanye nomfundi weBunda IZINDABA, ngithi angisike nami kwelijikayo ngesimo sezwe lethu kanye nenselela esabhekane nabaholi bethu abaphethe kuHulumeni obusayo. Mhleli uhulumeni wethu wavimba umholi we-EFF uJulius Malema ukuthi aye kwiBRICS ngonyaka odlule. Engikuqonda kahle ukuthi wayengeke nje avele asuke aye kulengqungquthela, futhi nakhona uma aye lapho wayezobe engayile ‘njenge-EFF’ kodwa wayezoxoxisana, axhumane futhi akwazi ukubika eqenjini lakhe mayelana nezinqumo kanye nombono we-BRICS.
Uma umuntu engumholi emphakathini, kungakhathalekile ukuthi uzihlanganisa naliphi iqembu lezepolitiki noma uholwa yiliphi, kufanele afake isandla futhi abambe iqhaza ezinhlelweni zikahulumeni, (izakhamuzi zikhokha intela) akufanele kube nenkinga ngaphandle kokuthi ungavuthiwe futhi wesaba ukuthi bazokusibekela. I-EFF kumele yenze izinhlelo zokuthi abaholi bayo bahambele iBRICS eRussia, uVuyo Zulula naye kumele abe khona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
