[IMIBONO] Ingozi yokungaqondi ipolitiki eKZN, ukomela izikhundla, nokweseka kondlovukayiphikiswa abayizigebengu

Mhleli ngicela ukuxwayisa labo abangazi ukuthi izinto zepolitiki zihamba kanjani kulesifundazwe saKwaZulu-Natal. Kwesinye isikhathi kuyasiza ukuthi uqale wenze inhlolo ngaphambi kokuba uzibophezele kulendima. Abangena ukhakhayi lusamanzi bavame ukufunda kanzima ukuthi lena indima efaniswa nesiziba esigcwele izingwenya, zona ezinobuchule bukulinda nokudika ngokuheha. Imali akekho ongayifuni kodwa uma uzogijinyiswa iyona kwezepolitiki uzozithola usucula amaculo amaningi, usushintsha imibala njengonwabu.

Kunezinto okumele ungazenzi uma ufisa ukuba nekusasa elihle kwezepolitiki KwaZulu-Natal. Enye yazo ukucabanga ukuthi uzophunyula ngokudelela uMengameli uZuma ngoba nje uphiwe imali yokugwazisa, (izigidi esizizwa zihanjiswa ezikhwameni) noma uthenjisiwe izikhundla, abantu baseKZN bazokukhombisa amalangabi. Uma usuhlale isikhathi eside ngokwanele kelesi fundazwe, kufanele ukwazi lokho.

Uzosuswa futhi uhlukaniswe lokho sikubonile futhi abangazi ababuze abake bazama leyombudane ukuthi baphi? Ukuba yi-sellout akusizi ngoba ekugcineni . uvele ube yisitha sabantu.Inkinga iqala lapho ungaqondi ipolitiki, owomele izikhundla nokweseka ondlovukayiphikiswa abayizigebengu. I-MK kumele ithathe isifundazwe ukulungisa lesi sihlava esiqhubekayo. Sekwanele manje!


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.