
UMengameli waphambilini ngalo Mgqibelo uzobe esedolobheni laseMpumalanga e-Piet Retief (Mkhondo) lapho ezokwenza inkulumo yakhe yokuqala embuthanweni we-MK Party wesifundazwe. Maduze i-ANC izongena kulesi sifundazwe izogqugquzela umhlangano wangoJanuwari 8.
UZuma wenza isimemezelo sakhe ngamabomu ngosuku lokwethulwa kwe-MK ngo-1961. Okugqamile kulesi senzo ukuthi wayekhumbuza isizwe nomhlaba wonke ngokuthi izwe laba yilokhu eliyikho namuhla. Ubefuna ukukhumbuza izethameli ukuthi uMK wabunjwa ngesizathu esithile nokuthi isizathu esifana nalesi sesikhohliwe noma sishaywa indiva ngamabomu ubuholi obukhona ku-ANC.
Isizathu sokuthi uZuma wakhetha wakhethe iSoweto njengendawo lapho azokwethula khona iqembu iMK Party kanti uma ubheka emlandweni, iFreedom Charter yamukelwa eSOWETO eKliptown ngo-1955, lapho kwakuhlala khona abaholi abafana noNelson Mandela, nalapho kwaqala khona ukuvukela umbuso ngo-1976. Lokhu kukhombisa ukuthi ukukhethwa kwendawo akuncelwanga isithupha, kodwa kukhethwe ngokucophelela.
Lesi simemezelo siyifake esivivinyweni i-ANC. UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, useveze ukuthi i-ANC icabanga ukuqulwa amacala aphikisana nokusetshenziswa kwe-MK. Nakuba i-ANC inelungelo lokwenza lokho. Kwenzeka okufanayo ngo-2009, ngesikhathi kusungulwa iCongress of the People (Cope). I-ANC yahlulwa kuleyo mpi kuchithwa isikhathi ngalolu daba esikhundleni sokugxila emalungiselelweni okhetho luka-2024?
Ikhwelo lokuthi i-ANC isebenzise iSigaba 25 soMthethosisekelo weqembu futhi ixoshe uZuma alikacatshangelwa kahle. Ukwenza lokhu ngaphambi kokhetho, lapho iqembu lingekho esimeni esiqinile, kungafana nokuzibulala kwezombusazwe. Kunemibono ethi uZuma wenza kanje ngoba unentukuthelo futhi nokuthi yena noMengameli Ramaphosa ababona abangani.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
