BUKA: Uphika eyokumataniswa neMK Party owe EFF

UMichael Ngrayi Ngwenya, owayenguSihlalo Wesifunda se-ANC Ehlanzeni futhi oseyilungu leqembu lezombusazwe i-EFF njengamanje, ukhulume ngesithombe esisabalele ezinkundleni zokuxhumana esimkhombisa enamalungu e-MK Party. Ukucacisile ukuthi useyilungu le-EFF futhi akakayijoyini yoMkhonto WeSizwe Party (MK Party). UNgwenya unxuse abantu ukuthi bakugweme ukusabalalisa imininingwane engamanga waphinde wagcizelela ukuthi ukwethembeka kwakhe kuku-EFF.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.