Ubalisa ngosizi longabi nalo ikhaya njengoba behlala ehholo lomphakathi

ULindiwe Khumalo ongumzukulu ongumzukulu ka Richard Mchunu, ubalisa ngosizi longabi nalo ikhaya njengoba behlala ehholo lomphakathi.”Mina njengoba ngumuntu wesimame kunzima kakhulu kimina njengoba ngingakwazi nokuzithola ngendlela, kungihlukumezile ukulaxazwa kabuhlungu nomkhulu wami, njengoba sihlezi lapha kwesinye isikhathi ngifica kuvuliwe ehholo kubonakala ukuthi khona umuntu obengenile, manje akukho ukuphila lana sihlezi enkingeni, sicela abantu base Ningizimu Africa ukuthi bangenelele kulolusizi esibhekene nalo ngoba lungaphezulu kwamandla ethu.

Thina besiziphilisa ngokutshala izithelo nemfino nombila sigaye impuphu, manje kunzima kakhulu empilweni yethu, njengoba singazi ukuthi abantwana bethu bazofundaphi njengoba sikulenkinga, into esiyifunayo ikhaya njengabobonke abantu base Ningizimu Africa.” Lolusizi lomndeni wakwa Mchunu eMvoti lokulaxazwa ngumlimi David, konakele konke ukuphila kwabo njengoba impilo isinzima.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.