
Inkosi yesizwe saMachunu Ngangendlovu uncoma iqhaza elibanjwe ngu Mandlakhe Mtshali ongusomabhizinisi wase Msinga, indawo yakithi isasalele emuva kakhulu ngentuthuko, kodwa uMtshali ukwazile ukukhumbula ekhaya ukuthi akuthuthukile waqasha abantu abaningi ngaphansi kwamabhizinisi akhe, abayizakhamuzi zalapha eMachunwini, waphinda wakha isikole owayefunda kusona waphinda wasinikela ngama Computer angu 100 nomfaniswano wezimpahla zesikole kubafundi, ngiyanxusa nakwabanye osomabhizinisi ukuthi basike iphethini kuMtshali, nabo balekelele kakhulu emphakathini wase Machunwini, khona manjalo Inkosi yaMachunu ikhala ngokugqoza kwentuthuko emphakathini wesizwe sayo, kakhulu kazi amanzi nemigwaqo emazombe zombe, umasipala wase eMsinga uyazama ngayoyonke indlela, kodwa udinga ukulekelelwa ngoba uMsinga indawo enkulu kakhulu njengoba unamakhosi angu 6 anomhlaba obanzi kakhulu, nginxusa namakhansela angalikhethi iphela emasini mangabe eletha intuthuko emphakathini, angayisebenzisi ipolitiki kwintuthuko ngoba bonke abantu balambile, umhlaba sinawo kodwa manje amanzi asinawo wokuthi sichelele emasini, mangabe singathola uxhaso lamadamu amakhulu azophakela umphakathi singasimama isimo sezolimo kuphetha iNkosi yaMachunu,
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
