Kufunwa oqola abantu izimali ngezamaholidi

Kuhpume inqina lokufuna uFrancios Swart osolwa ngokuthula qola abantu ngamaholide eModimolle. Usolwa ngokuqola izinkampani ezimbili imali engu-R130k ayeyikhokhele ukuze enze amalungiselelo eholidi egameni lazo. Amaphoyisa aseModimolle afuna imininingwane yokuthi ukuphi uFrancois Swart, 39, inkampani yakhe yezokuvakasha ezinze eFourways iPriority Escapes esolwa ngokuqola izinkampani zamaholide eModimolle izinkulungwane zamarandi.

Kwakhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Francois Swart, onguMqondisi ophethe we-ejensi yezokuvakasha i-Priority Escapes. USwart kusolwa ukuthi ukhwabanise abaningi abangaba ngamaholide amakhulu ezinkulungwane zamarandi. Kwavulwa icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa eModimolle ngo-Agasti. Lokhu kungemuva kokuthi ummangali eveze ukuthi izinkampani ezimbili zaqolwa imali engaphezu kuka-R130 000 ngabakwaPriority Escapes.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uBrigadier Hlulani Mashaba, uthe uSwart kusolakala ukuthi wathola inkokhelo ephelele kubamangali ukuze enze amalungiselelo eholide egameni labo. “Ukuqamba amanga kwaqhutshekwa ngesikhathi ekhipha amaphepha aveza ukuthi iholidi lahlelwa futhi likhokhwa ngokugcwele. Sekuqinisekisiwe ukuthi amaphepha abamangali abawatholile angamanga.”; uthe.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi uSwart ukuphi ukuthi anikeze imininingwane kubo ngokuthinta umphenyi wecala uWarrant Officer Gawie Greef ku-082 565 7800, inombolo yeCrime Stop 08600 10111, esiteshini samaphoyisa esiseduze noma asebenzise i-app ye-MySAPS.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.