
Izigebengu ezimbili ezihlomile (ongowaseNingizimu Afrika kanye nowaseZimbabwe) zidutshulwe zabulawa ngesikhathi sokudubulana namaphoyisa aseZimbabwe eHarare ngemuva kwezinsolo zokuthi zizame ukubamba inkunzi usomabhizinisi waseChina. Ngokwesiteshi sezindaba iZimbabwean News, uZimeye, izigebengu ezimbili ebezihlomile, eyodwa yazo edabuka eNingizimu Afrika, zidutshulwe zabulawa abaseshi eHarare ngoLwesibili, kubika amaphoyisa. Kulandela ukubotshwa kwabo abanye abalisa abane abadabuka kwele South Africa kanye leZimbabwe oyedwa abetheswa icala lokubamba izibhamu kanye lokuzama ukugebenga behlomile.
UGodknows Machingura, 44, udutshulwe wabulawa ngesikhathi ebalekela amaphoyisa, kwathi uJabulani Ngobeni, 45, waseTzannen, eLimpopo, wadutshulwa wabulawa ngemuva kokudubula abaphenyi endlini yezivakashi eHarare. Abantu asebebotshiwe bachazwa ngokuthi nguPaul Zhou, 55, odabuka eWaterfalls eHarare; U-Emmanuel Makamo, 22, wase-Alberton eGoli; UNdiafhi Makhado, 39, waseThsakhuma eLimpopo; kanye no-Andrew Masubelele, 38, base-Atteridgeville ePitoli.
Iqembu lezigebengu kusolakala ukuthi belinohlelo lokugebenga isizalwane saseChina esiqhuba ibhizinisi eKwekwe ngokuvika imoto yakhe ngesikhathi elibangise eHarare.
Abacuphi babekwe emsileni weqembu lezigelekeqe ngemva kokuzwa ukuthi abanye abasolwa bangene elizweni bedlula emngceleni weBeitbridge behamba ngemota yohlobo lweFord Ranger ebhalwe inombolo ethi JG-04 GH GP. Abaseshi babalandelele endlini yezivakashi emgwaqeni waseMauritius e-Arcadia, eHarare. Ngesikhathi ebona abaseshi, uNgobeni kuthiwa wavulela ngenhlamvu ngesibhamu sakhe i-9mm Star Pistol kodwa wadutshulwa wakhishwa izikhali.
Amaphoyisa abophe yena, uMakhado, uMasubelele, uMakamo noZhou abatshele abaseshi ukuthi umsebenzi wakhe bekuwukuthola indawo yokuhlala nokuqasha izimoto zaleli qembu – iToyota Fortuner neHonda Fit. Ukuxoxisana labasolwa kuholele amapholisa eShamva lapho uMachingura okuthiwa wayeqaphe ukuhamba kwendoda yeChina esebenza emgwaqweni uBirmingham eKwekwe. Ngosizo lwabasolwa amaphoyisa aheha uMachingura eMorgan High School e-Arcadia.
Ngesikhathi ebona abaseshi, kuthiwa ube esehamba ngesivinini esiphezulu kwaze kwaholela ekutheni ajahe nokuyilapho adutshulwe khona ephuceni wakhipha isibhamu i-9mm Taurus Pistol. Kuthiwa ushonile ngesikhathi efika esibhedlela iParirenyatwa. Isikhulumeli samapholisa uAssistant Commissioner Paul Nyathi uthi bakhathazekile ngokwanda kwezizalwane zakwamanye amazwe asebephanga behlomile elizweni.
“Amaphoyisa akhathazekile ngokubandakanyeka kwabokufika abangu-8 kwezinye zezigameko zokugetshengwa. Isibonelo salokhu yisigameko sokudubulana sakamuva eKadoma-Chegutu kanye nesigameko seVictoria Falls lapho abanye abakwamanye amazwe babaleka ngemuva kwesigameko sokudubula,” kusho uNyathi. “Amaphoyisa aqinisekisa umphakathi ukuthi azophendula zonke izigebengu futhi aqinisekise ukuthi umthetho uthatha indawo yawo. Noma yiluphi uhlobo lokubhekana namaphoyisa luzohlangatshezwa nempendulo efanele.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
