UZuma uhlangane noMavundla weABC

OwayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma uhlangana nosozigidi uPhilani PG Mavundla ophinde abe yiMeya yomasipala waseMvoti (Greytown) eKZN Midlands. Lokhu kwenzeke eSoweto ngemuva kokuthi uZuma ememezele ukuthi weseka iqembu leMK (Umkhonto Wesizwe) ngoMgqibelo. uZuma noMavundla

ube nobudlelwano obukhethekile. Kwesinye isikhathi uMavundla wathembisa ukuqeda isikweletu sikaZuma sohlelo lwaseNkandla. Ngesikhathi i-ANC isizolahlekelwa wumasipala weTheku ngoNovemba 2021, uZuma wanyakazisa uMavundla ukuthi angenele azotakula iqembu elibusayo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.