Umculi usolwa ngokuqola izinwele zewigi

USenia usola uNadia Nakai ngokuqola iwigi engaphambili engu-26 inch 3 curly frontal engabiza u-R6500 ebhizinisini lakhe. Ngokusho kukaSenia ngomhlaka-22 Septhemba 2023; U-Nadia Nakai wayezocula e-Botswana futhi wayenamawigi asabekayo ngakho izinkonzo zakhe zafakwa ohlwini.

Ngokusho kukaSenia isivumelwano bekungukuthi uNadia Nakai agqoke iwigi usuku lonke futhi ayishiye lapho ezoqoqwa khona noma akhokhe u-R6500 uma efuna iwigi. Akwenzekanga lokho ngoba uSenia wamangala ebona uNadia esebuyile eNingizimu Afrika egqoke iwigi yakhe angayikhokhile.

USonia uthi ezingxoxweni eziningi, uNadia Nakai wagcina ebuyisele iwigi, okwammangalisa kakhulu ukuthi kwakungeyona iwigi yakhe engu-26 inch, 3 bundle front kodwa iwigi yembongolo endala. UNadia Nakai useziphikile izinsolo zewigi ethi iwigi yabuyiselwa emuva kanti uSenia ujaha kakhulu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.