
Owesilisa oneminyaka eko-30 ubudala ulimale kanzima ngemuva kokuhlaselwa ngesikhathi ecela ukuthenga kumsebenzi wocansi enkabeni yedolobha laseVerulam – KZN. Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathole owesilisa elele phansi opha ngenxa yokulimala kwakhe.
Ngokusho kwabangani bakhe, bebephuza utshwala eMahatma Gandhi Park eduze kwaseNkantolo yeMantshi yaseVerulam kuGroom Street ngesikhathi lomlisa enquma ukuya kosebenza ngocansi obemi eduze kukajantshi wesitimela. Ngesikhathi esaxoxa naye, kube sekuqhamuka amdoda amabili ahlasela lona owesilisa obedakwe kakhulu.
Umsolwa oyedwa ukhiphe ummese wamphuca imali yakhe. Akuzange kuqinisekiswe ukuthi isisulu siziphindiselele yini ngaphambi kokuthi sishaywe ngensimbi. Umdayisi wocansi nezigebengu babaleke bagcwala izinkalo. Owesilisa owayelimele kanzima wabuyela ebanganini bakhe bona bathinta ezosizo eliphuthumayo ukuze athole usizo, bafike bamulaphela endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
