
Amaphoyisa angeke akwazi ukugada wonke amabhasi akwa-Interpcape ezindleleni ezinobugebengu kusho UNgqongqoshe wezokuthutha uFannie Masemola. Lokhu kuza emva kokuthi i-Intercape ifake isicelo sokwedelela inkantolo imangalela uMasemola noNgqongqoshe wezokuThutha ngokuhluleka ukuvikela izimoto zabo ngemuva kwesinqumo sika-Agasti sathi amaphoyisa kumele enze uhlelo lokuqinisekisa ukuphepha kwamabhasi ahamba amabanga amade ezindaweni ezishisayo.
Amaphoyisa athi awanawo amandla okuphelezela yonke i-Intercape noma amabhasi ahamba amabanga amade emigwaqweni egcwele ubugebengu.
I-Intercape ifake isicelo sokudelela uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke kanye nongqongqoshe wezokuthutha ngokuhluleka ukuvikela izimoto zabo ekuhlaselweni.
Ngo-Agasti, iJaji leNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape, uJohn Smith, likhiphe isinqumo sokuthi amaphoyisa kumele enze uhlelo lwezokuphepha ukuze aqinisekise ukuphepha kwamabhasi ahamba amabanga amade ezindaweni ezifana noCofimvaba, Butterworth, Engcobo, Tsomo, naseDutywa.
Nokho emaphepheni abo asenkantolo, i-Intercape ithe selokhu uSmith ekhipha isinqumo, ukuhlaselwa kwamabhasi abo akukakapheli.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthe abomthetho benze konke okusemandleni ngezinsiza zabo ezikhona.
“Singamaphoyisa emphakathini wezwe, siphinde sibe ngamaphoyisa emigwaqweni. Ngeke sikwazi ukulandela ibhasi ngalinye le-Intercape, ngaphandle kwalokho, bekuzodingeka ngithathe wonke amaphoyisa ngiwayise eMpumalanga Kapa nakulo lonke izwe ukuze ngilandele ibhasi ngaso sonke isikhathi, kodwa siphoyisa leyo mizila lapho amabhasi eshayela khona, futhi sicabanga ukuthi lokho kwanele.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
