
BABHEKENE noKhisimusi ongemuhle amakhulukhulu ababengaBasizi bothisha eKZN ngemuva kokuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni uhlulekile ukubanikeza amafomu e-UIF ukuze bathole izibonelelo zabo zokungasebenzi. Ama-EAs aphelelwa yimisebenzi ngoSepthemba kulo nyaka.
“Inkontileka yabasizi abaqokwe njengengxenye yePresidential Youth Employment Initiative (PYE) izophothulwa mhla zingama-30 kuMandulo wezi-2023” isitatimende siphinde sifundeka ngokuthi uMnyango ufisa ukubonga bonke ababambiqhaza ababambe iqhaza ngohlelo lokuthi umsizi afake izicelo zeSikhwama Somshwalense Wokungaqashwa.
“Abasizi ababe nenhlanhla yokuzuza kunoma yisiphi salezi zigaba ze-PYE bayakhuthazwa ukuthi basebenzise ulwazi kanye nezimali ezitholwayo njengesitebhisi sempumelelo enkulu”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
