
Amaqembu angu 16 eNetball azobanga isiteki semali engu R60000 , kungokuqala ebholeni lomqakiswano ukuthi kubekhona isiteki esikhulu kanjena eMsinga, lemidlalo wehlelwa ngu Bongumusa Mkhize ongumgqugquzeli we ILenge Foundation ne Lenge Annual 44 Tournament, lamaqembu angu 16 azodlala emamatheka njengoba nemiklomelo iconsisa amathe kwabazonqoba le Tournament, Mkhize uphinde wanxenxa abaphathi bamaqembu adlala esigabeni esikhokhelwayo, KwaZulu-Natal, ukuthi asondele eduze nalemidlalo njengoba kuzoba kuqhuma nhlamvana ezinye zoshelela, iqembu elizodla ubhedu lizohamba nomklomelo ka R15000, nejezi, izindondo, isibili bazothola umklomelo ka R10000, nejezi, izindondo, isithathu bona bazohlomula ngo R5000 nejezi, izindondo, kulindeleke ukuthi kuphume nesinedolo kule Tournament, izivakashi zizobona intaba ILenge ende kakhulu eMsinga nenomlando omude kakhulu emhlabeni jikelele. lentaba imbozwa , yizinkungu namafu mangabe liduma ehlobo, abaqwali izintaba bayayithanda lentaba, khona manjalo osomabhizinisi bendawo abancane bazohlomula kakhulu ngale Tournament njengoba ingenisa umnotho omningi kakhulu endaweni, njengoba lemidlalo izoqala ngomhlaka 25 kuzibandlela iphele ngomhlaka 30
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
