
IQembu LeNkatha Yenkululeko selinqume ukuthi izinga lokuphasa linyuswe lifinyelele ku-50% nokuthi imfundo yezempilo isuswe ohlelweni lwezifundo zesikole. Le nhlangano ebibambe ingqungquthela kazwelonke yenqubomgomo eMpangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal kuleli sonto, ithe lesi sinyathelo sizothuthukisa izinga lemfundo.
Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili, ephothulwe ngoLwesithathu, ihlanganise izithunywa ezingaphezu kuka-500 ezivela ezweni lonke. Idingide iziphakamiso zenqubomgomo ezehlukene i-IFP ezozidayisela abavoti ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo-2024.
“Kufanele sihambisane nohlelo lokufunda ezikoleni zethu nalokho okwenzeka emkhakheni wezemfundo ephakeme,” kusho uDkt Andile Biyela obeyingxenye yekhomishini yezemfundo kule ngqungquthela. “Amanyuvesi awayibheki i-life orientation uma ecubungula amaphuzu ezifundo ezahlukene. Kunalokho, usomabhizinisi kufanele kube isifundo esiyimpoqo.
Uthe ukugxilisa amabhizinisi kusukela besebancane kuzokwenza abafundi abangakwazi ukudlulela ezikhungweni zemfundo ephakeme bathole izindlela zokuziphilisa ngokusungula amabhizinisi abo amancane.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
