
UMthandeni Mntambo ongumqeqeshi we Jomo Cosmos, Mntambo ungowase eMsinga esizweni sakwa Majozi esigodini sase Matshematshe. Uqale ukuthanda ezemidlalo esemncane ekhula endaweni, ngemuva kokuphothula ibanga leshumi, wagxila kakhulu ekuqeqesheni abafana abancane bendawo, waphinda wakha association wamaqembu amancane akhona endaweni, uphinde wayoqeqesha Olundi.
UMntambo utuhi kumkhulisile kakhulu ukunganikwa lutho; “Kungikhulisile ukubekezela njengoba akekho umuntu obecabanga ukuthi ngingaqeqesha iJomo Cosmos” kusho lomqeqeshi uqeqesha abafana be Cosmos abaneminyaka engu 13. “Ngisanda kubizwa ngu Jomo Sono wangitshela ukuthi uzongisa phesheya kwezilwandle ukofunda i License English Premiership League, ngiyabona manje kuyakhanya mfowethu, ngizophinde ngihambele ILenge football Tournament ngomhlaka 25 kuzibandlela ngizoba ngihamba no Jomo Sono ukuzohlwaya amakhono” kuphetha uMntambo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
