Izikhulu zikahulumeni eziphezulu ziboshelwe ukukhwabanisa kwezigidi zamarandi

Amalungu ophenyo olubucayi lwenkohlakalo yoKlebe kanye nophenyo olunzulu lobugebengu bezentengiselwano e-East London agaqele izikhulu eziphezulu ehhovisi likaNdunankulu e-Eastern Cape. Lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo zokukhwabanisa, ukukokotela, ukushushumbisa imali, kanye nokwephulwa kwesigaba 86 (1) soMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni.

Ngokusho koKlebe, abasolwa abayisishiyagalombili, abaneminyaka ephakathi kuka-43 no-71, baboshwe ngokuhlanganyela ngoMsombuluko. Kuthiwa ngoJanuwari 2016 uMnyango wezeMfundo esifundazweni wacela ihhovisi likaNdunankulu ukuthi lisize ngokuthengwa kwamakilasi esikhashana angu-72 nefenisha ezosetshenziswa eGqeberha nase-Uitenhage. Kwaqokwa inkampani ekhipha ithenda engaphezu kuka-R20-million.

Kodwa-ke, kusho oKlebe, bathole imininingwane ethinta izikhulu eziphezulu ngezinsolo zokuthi zalandela inqubo engafanele yokuthengwa kwempahla ngesikhathi kuqashwa le nkampani. Kusolwa nokuthi lowo oqokelwe ukuhlinzeka ngemisebenzi uxhumene nezikhulu eziphezulu ehhovisi likaNdunankulu.

Ezinye izinsolo ngelokuthi ukulethwa kwala makilasi ashiwoyo akuqedwanga esifundazweni, nokho imali eyabiwe ngendlela yaphela. Ibamba leNhloko yoKlebe esifundazweni, uBrigadier Selina Motlalepula Maponya, uthe abasolwa baboshwe eGauteng ekuseni ngoMsombuluko babuyiselwa e-Eastern Cape.

“Udaba lubikwe oKlebe ukuze baphenye okugcine ngokuthi kuboshwe abasolwa abayisishiyagalombili basesifundazweni saseGauteng ezintatha zanamuhla,” kusho uMaponya.

UMaponya wengeze wathi: “Kuhle kumalungu omsebenzi ngokuhlanganyela ekuqinisekiseni ukuthi abasolwa babhekana nengalo yomthetho. “Laba abayisishiyagalombili basendleleni ebheke e-Eastern Cape lapho bezovela khona okokuqala enkantolo ngoDisemba 12 eNkantolo yeMantshi yaseZwelitsha.”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.