
Isonto lokugcina lezinsuku ezingu-16 zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane liphele kumuncu ngesikhathi owesilisa waseLimpopo egwaza umkakhe amanxeba amaningi ngaphambi kokuthi azilengise. UFreddy Mokgotho, 42, ugwaze oweyengunkosikazi wakhe oneminyaka engu-30 ubudala, uRefiloe Mokgotho amanxeba ayisithupha ekhishini lakubo kwabazali bakhe ngoLwesihlanu ekuseni.
Lokhu kuhlasela kwenzeke phambi kwendodakazi yalaba bobabili enenyanga eyisishiyagalombili. Lo wesifazane ushonele esikhungweni sezempilo sendawo. Isigameko sokubulala senzeke ngemuva kwezinyanga eziyisithupha lezi zithandani zihlukene.
Ngemuva kokubulala, uMokgotho wabalekela emzini wezithandani lapho azibulalela khona esebenzisa intambo kagesi. Umama wesisulu esishonile, uMariam Nkuna, uthe indodakazi yakhe yabulawa kade iye emsebenzini. “Indodakazi yami ibisele yodwa endlini kodwa kubukeka sengathi izamile ukubaleka kodwa yehluleka ukubaleka. Amaphoyisa abizwe ekuseni,” kusho uNkuna.
Uthe uthukile futhi unenhliziyo ebuhlungu njengoba ubesalindele lukhulu endodakazini yakhe. “Indodakazi yami yayisothandweni oluhlukumezayo lweminyaka eyisishiyagalombili, ingenakuphila. Bengingamtshela ukuthi akahambe ayohlala nomfowabo ePitoli. “Ngebhadi indodakazi yami ibifihla kakhulu ngobudlelwano bayo. Ubengumuntu onobungane, onokuthula nothando.” Weluleke abanye abazali ukuthi basondelane nezingane zabo futhi bazilalele.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
