Uvule icala lokushaywa umshayeli weTekisi

ULinda Mpisana ongumshayeli wetekisi waseThekwini obonakale ku-video eshaywa ngowesifazane kwiidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uphumele obala wathi usevulele icala lo wesifazane yize amaphoyisa eqale enqabile ukuvula icala.

UMpisane ehlaselwe nguThuso Khumalo emgwaqeni osedolobheni utshele abezindaba ukuthi iphoyisa elimsiza ukuvula icala laqale lanqaba lathi alikho icala lomuntu oshaywe ngempama kumele aye kudokotela ngisho sekuvela ividiyo ekhombisa ukuthi yini eyenzeka.

UMnu Mpisane ukhuluma kanjena nje ngemuva kokushaywa ngowesifazane owayenonya , engenanhliziyo , owayezicabangela yena yedwa eMhlanga . Kule video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana kunamazwi abesifazane abangaziwa abebekhuthaza udlame bethi mshaye ( mshaye ) .

Kule video kubonakale uMpisane ongazange aziphendulele ngesikhathi eshaywa . Lesi sigameko senzeke ngesikhathi izwe libhekene nezinselelo mayelana nokuhlukunyezwa ngokobulili ( GBV ) kanye nezinsuku ezingu – 16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane . Ekhuluma noLondi D ohlelweni uMpisane uthe ” bengingazi ukuthi irekhodiwe , bengihamba ngemoto ngisuka eMhlanga ngiya eNtuzuma .

” Bengisemarobhothini aseduze kwe Auction mall amarobhothi abengasebenzi . Izimoto bezilindile ngase ngizama ukudlula , kulapho ewela khona phambi kwami ngizama ukuwela umgwaqo . Khumbula ukuthi amabhasi ethu amancane . ungayeki nje ngisho nabanye bangakutshela ngalokho .Ngabe ngiphuma ngizama ukufona , ngisazama lokho kwabe sekufika ukuzongishaya .

Asizange sikhulume mina naye , ubethi uyabona manje ukuthi ucishe wabulala umama . Nasekhaya angilona uhlobo lomuntu othanda ukuhlasela abanye , phambilini ngangibandakanyeka ku-GBV ngesikhathi ngihlukumeza intombi yami . Wangishiya ( intombi ) , ngiyazisola ngokwenza lokho futhi ngazitshela ukuthi angeke ngiphinde ngihlasele umuntu wesifazane empilweni yami . Ukukhuluma iqiniso ngacishe ngacasuka kodwa nganquma ukumgwema .

” Amaphoyisa aseDurban North afike athi ngcono akekho olimele , aqopha umbiko wengozi . Ngacela umfowethu ukuthi ahambe nami siye esiteshini samaphoyisa siyovula icala , esiteshini samaphoyisa ngatshelwa ukuthi angilimalanga kuzobe kuwukumosha isikhathi ukuvula icala , bekungoLwesibili ngoba ingozi yenzeke ngoLwesibili ekuseni ngabo 08h35 .

Ngifonelwe umfowethu engitshela ukuthi ubone ivideo ezinkundleni zokuxhumana , ngaya koyibona kwangiphatha kabi kakhulu . Wathi kimi manje kune video hamba uyovula icala . Icala lavulwa , nganikezwa ifomu elithi ( J88 ) ukuba ngigcwaliswe ngodokotela ” .

I-video ethrendayo ezinkundleni zokuxhumana yaqinisekisa amaphoyisa ukuthi avule icala.

@ibunda_za #ibundaizindaba BUKA: Umshayeli wetekisi ehlaselwa owesifazane #ibunda #ibundanews ♬ original sound – ibunda_za

Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.