
Ithimba leProvincial Tracking Team laseLimpopo libambe uhide lwezimoto ebezisuka eZimbabwe zilibangise ePolokwane zinabantu abangaphezu kwekhulu abangenazo izincwadi zokuba lana eNingizimu Afrika. Lezi zimoto kuthiwa bezilayishwe isibalo sezingane eziyikhulu namashumi amathathu nantathu (133) ezingenazo izincwadi, abesifazane nabesilisa.
Amaphoyisa asebenze ngolwazi alutholile futhi akwazi ukuthola izimoto eziyishumi nanye ezihamba ngaku-N1 North Gateway ngaphandle kwasePolokwane.
Izimoto zasondezwa ngobuchule, zamiswa zase ziseshwa kwatholakala ukuthi zigcwele ngokweqile izingane ezingu-73 ezingaphansi kweminyaka ephakathi kwezinyanga eziyisithupha neminyaka eyishumi nesikhombisa okuhlanganisa nabantu abadala abangu-60. Abagibeli abakwazanga ukuhlinzeka ngemibhalo esemthethweni yokuba sezweni base beboshwa khona lapho.
Iningi labagibeli alikwazanga ukucacisa ukuthi liyaphi kanti kusolwa ukuthi yizisulu zokushushumbiswa kwabantu. Amaphoyisa aphinde ashaqa namaveni ayisishiyagalombili (8) ohlobo lweToyota Quantum, amaveni amabili (2) eToyota Hilux GD6 Double Cab aneCanopy neToyota Fortuner eyodwa.
Amaphoyisa kanye nabanye ababambiqhaza abahlanganisa uMnyango Wezasekhaya Nokuthuthukiswa Komphakathi babizelwe ukuzocubungula abantu abangenazo izincwadi kanye nabasolwa ngokuba yizisulu zokushushumbiswa kwabantu. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
