
Amaphoyisa ancinzwe indlebe amalunga omphakathi ngesikhathi kuboshwa abasolwa abathathu endaweni yokulala eQuarry Road West eSydenham, eThekwini. Amaphoyisa aphendule ngolwazi mayelana nemoto okusolakala ukuthi iduniwe ebonakale endaweni yokulala kanti ngesikhathi efika amaphoyisa athole izimoto ezimbili. Omunye wabo kubikwe ukuthi udunwe imoto eSydenham emasontweni amabili edlule, kwathi omunye wadunwa eNewlands muva nje.
Ngesikhathi kuphenywa kule ndawo, amadoda amathathu aneminyaka engu-19, 23 kanye no-56 ubudala atholwe ekamelweni elilodwa nezibhamu ezine, omagazini abayisishiyagalolunye abebegcwele izinhlamvu, amavesti ayisishiyagalombili angangeni nhlamvu kanye nesikhwama sezibhamu esingenalutho.

Abasolwa, abathi basuka eDelft eKapa, baboshwe kanti uphenyo lusaqhubeka. Njengoba iSydenham yaziwa ngezimpi eziqhubekayo zezidakamizwa, amaphoyisa akholelwa ukuthi abasolwa, bebebhukhe endlini yokulala iviki lonke okusolisa ukuthi bebekule ndawo ukuzobulala. Ngemuva kokucubungula, abasolwa bazokwethulwa enkantolo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
