
Amaphoyisa ashaqe izimbaza kanye nemishini yokutshuza ebiza imali elinganiselwa ku-R1.2 million ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi ohlanganisa izigwegwe eGqeberha. Amalungu ashaqe izikhwama ezingama-26 ze-zimbaza esisindo esilinganiselwa kamayunithi angama-5700 anesisindo esingaba ngu-1000 kg kanye nemishini yokutshuza. Amaphoyisa athungatha abenzi bobubi osekuseduze ukuthi baboshwe.
Ithimba le-Economic Protected Resources (EPR) neSerious Organised Crime Investigation of the Hawks eGqeberha ngokuhlanganyela neDark Water Operations, Department of Environmental Forestry and Fisheries (DEFF) kanye namalungu eSouth African Police Service Port of Entry ashaqe izikhwama zezimbaza ezingama-26, i-rubberduck kanye nemishini yokutshuza ebiza u-R1.2 million kuloluphenyo.
Kusolakala ukuthi amalungu e – EPR athola imininingwane ekhombisa lapho irabha selizothulula khona izimbaza emotweni .La malungu kubikwa ukuthi afika endaweni yesigameko athola injoloba ibhajwe esihlabathini lapho abantu bebesezinhlelweni zokukhipha izimbaza kodwa babaleka lapho bebona amaphoyisa. Amaphoyisa abe eseshaqa izikhwama ezingu-26 zezimbaza ezinesisindo esingaba ngu-1000 kg kanye nemishini yokutshuza. Amaphoyisa athungatha abenzi bobubi osekuseduze ukuthi baboshwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
