
UNelisa Mchunu uzohambela umdlalo omqoka we ABC Motsepe League KwaZulu-Natal phakathi ko Msinga United no Mkhambathi FC, leliciko lomlingisi wase Msinga eMchunwini uzoba yinxenye yalomdlalo ngesikhathi ekhuluma ne IBunda uthe njengoba engumsinsi wokuzimilela eMsinga kumqoka ukubamba iqhaza ngokusekela iqembu langakithi njengoba ngifuna ukulibona lidlala esigabeni esikhokhelwayo ku Dstv Premiership ngoba kuzovulela abafana amathuba omsebenzi ngisho nabesifazane njengoba nabo baneqhaza abalibambayo, angizohamba ngedwa kodwa ngizoba ngihambisana no Noxy Thobile Mabika odlala ku Zalo, abantu base Msinga banamakhono bayazimisela kakhulu ngomsebenzi njengoba ubona ukuthi lapho behambekhona bafike bashiye umaki, ngifuna ukubona kuqhamuka abanye abalingisi ngemuva kwethu abazolandela bahambe ezinyathelweni zethu, ngakhohlwa ukuthi thina lapha eMsinga asikaze sababancane nhlobo njengoba umhlaba wonke uyasazi lapha eMsinga, maningi amaciko aphuma lana adumile singabala Ngxalothi, Mxosheni, Kati elimnyama, Amageza Amahle, Shwi no Mtekhala, Amashayina amahle, uCela Zimnike, Phansi phezulu, ihlanganani, Inkosi yamagcokama,
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
