IBhokisa elilodwa lizogeza igama phakathi ka Gonya no Mzimela

USboniso Tiger Gonya owayengumphetha we WBA International , WBO International, uzoqeda ishobolo ngo Mduduzi Mzimela ngomgqibelo Oliver Convention Center. Ezimpini ezihlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotion, uGonya ukhulume ne IBUNDA IZINDABA, wathi uzomfundisela abanye abantu uMduduzi Mzimela. Ukuthi loluhambo alihambile eshaya amadoda adumile emhlabeni jikelele bengewona umdlalo kodwa bekwiyimpi, umfana kumele abuyele ngenzansi izinsizwa ngenhla.

UGonya usahlulwe ezimpini ezintathu kuphela selokhu aqala isibhakela, lomshayisibhakela wase Mtuba eKhula Village useshintshe isitebela nomqeqeshi omusha Shaun onejimi Morning Side, lempi izoba ngenye yezimpi ezinohlonzo njengoba no Mzimela uyibhokisa elisezingeni eliphezulu kakhulu , kulindeleke ukuthi afake uGonya ingcindezi enkulu, khona manjalo lamabhokisa kulindeleke ukuthi ageze amagama awo njengoba ephuma ekushayweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.