
USamir Norkovic ukholwa ukuthi Auther Zwane wamxosha kungenaso isidingo ngoba wayelimele ngalosisikhathi. Ngangiyisizile kakhulu Kaizer Chiefs ngokuyishayela amagoli, kwathi mangabe kuba nezinguquko eqenjini le Kaizer Chiefs kuhamba Stewart Baxter kuthatha Auther Zwane yaqala impilo yabanzima eqenjini njengoba wagcina ngokuthi abhalele abaphathi uhla labadlali ukuthi nami ngomunye wabadlali abachithayo.
Ngemuva kwalapho kwadingeka ukuthi ngishaye isishwaphana sami ngihambe, umsebenzi washesha waqhamuka kodwa ku Royal Am , mina ngumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu, ukuthi bengihlushwa ukulimala ngaphambili, ngibonga umqeqeshi we TS Galaxy Sead Ramovic ngokunika ithuba nokukholelwa kimina. Abadlali engidlala nabo ku TS Galaxy ngabadlali abazinikelayo njengoba ubona ukuthi sidlala ngokubambisana akekho umdlali oncono kunomunye, ngicabanga ukuthi lenkomishi ye Carling Black label Knockout Cup sizoyinqoba.
Iqiniso sinesibalo sabadlali abancane kodwa umsebenzi kulula kakhulu ukuqonda umsebenzi njengoba wonke umdlali uyawazi umsebenzi aqashelwe wona njengoba akekho odoja ngomunye wabadlali, ngibona ukuthi nomqeqeshi esinaye unolwazi olunzulu kakhulu yize yena esemncane ebholeni elikhokhelwayo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
