
Ezobuciko knaye nokucikoza ngosiba sisemanzini amnyama ngokudlula emhlabeni kwembongi eyaziwayo yakwaZulu-Natal, uMxolisi Mtshali wodumo lwenkondlo “IZulu Loveletter engabhori…”. UMtshali ubedume ngezinkondlo zothando azibhala ngesiZulu futhi waziwa kakhulu njengembongi yothando.
Ubehaya izinkondlo zakhe ngesiZulu, kanti inkondlo yakhe, “iZulu LoverLetter” ayibhala eminyakeni engaphezu kweshumi eyedlule, yamethula yaphinde yenza abantu ukuthi badlale izinkondlo ababengazitsheli ukuthi bayozilalela futhi bazijabulele izinkondlo.
Le nsizwa yaKwaNongoma, enyakatho ye-KZN, ibikholwa ukuthi ukuba uSonkondlo, kuyinto ewubizo, okunaleyo ngxenye yobumoya kuyo, yingakho iningi lezimbongi nakuba limpofu futhi libuye lintule ama-gigs, kodwa aligqizi qakala, libambelele emathalenteni nasobizsweni.
Ezobuciko kanye nokudlala ngenkotha, zibhonga emswaneni ngokulahlekelwa kweciko ebesilithathwa nje baba wokulotshwa kwezinkondlo zesiManje ezibhalwe ngolimi lwesiZulu.
Umtshali waduma kakhulu lapho izinkondlo zisadla lubi enyuvesi yaseThekwini iDurban University of Technology (DUT Poetry Session). Umxolisi waqhamuka nokucikoza nokuhaya kwezinkondlo okwehlukile ukunozakwabo ngoba bona iningi labo lalihaya ngesilungu, yena wahaya umsebenzi wakhe ngolimi lwebele isiZulu, kwachwaza izihlwele. Isihloko saleyonkondlo yayithi “Zulu Love Letter” okwaba yiyona eyambeka kubalazwe, yaduma umhlaba wonke.
Izimbongi zaKwaZulu Natal zimethulela isigqoko ngethalente, nangemagalelo akhe kulendima yokucikoza ngosiba. Kumanje sinezimbongi ezizigqajayo ngokuhaya izinkondlo ngoimi lwebe ngoba oMxolisi bacaba indlela. Ngenxa yenduku ayibeka ebendla uMagalela, sibone inani lezimbongi ezihaya ngesiZulu likhula ngendlela emangalisayo kuma Poetry sessions and shows.
Umxolisi ubeyingxenye yezimbongi ezaziwayo futhi nezihlonishwayo ezicikoza ziphinde zihaye ngesiZulu, futhi ubengeyedwa, kukhona uJobe kaFana noJobe, uGubhela, uMinenhle Mthembu, uXoli Zion, uStarring kanye nabanye abaningi.
Njengembongi, wake waba semkhathini omnyama kodwa wabuyela ezinyaweni zakhe. UMxolisi ubeyimbongi ezwakalisa imizwa yayo ekubhaleni iznkondlo zothando kanye nokuba ngomunye wabagqugquzeli kanye nezinjula buchopho ezingemua komcimbi wosonkondlo “iPoerty in Suit” umbukiso wezinkondlo oba minyaka yonke eKZN.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
