UMlingisi woZalo ugqugquzela abalandeli boMsinga

UNoxy Mabika ongumlingisi odumile kuleli uzogqugquzela abalandeli boMsinga United odlala esigabeni se ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Lomlingisi uzohlangana nabalandeli baMabhubesi ukuzoqinisa umkhankaso wokunqoba uMkhambathi FC namuhla eMzisho Stadium ngo 15:00. Lomdlalo ubhekwe ngamehlo abomvu isifundazwe saKwaZulu Natal ngenxa yezinga eliphezulu elidlalwa yilamaqembu njengoba ebambene phezulu ngamaphuzu alinganayo angu 21.

Iqembu elizohlulwa namuhla lizoba nomthwalo onzima kakhulu njengoba kuzodingeka ukuthi iqale phansi ngempela isebenze njengoba ozonqoba ABC Motsepe Stream B uzodlala kokuhlungela imidlalo kazwelonke ye ABC Motsepe League. UNoxy owazakhela igama kubalandeli boZalo ngokuba ngu Thobile, uzohambela emadolobheni ase Msinga ePomoroyi ngo 9 aphinde adlule edilobheni eMsinga Mall lapho uzohlangana nabalandeli baMabhubesi nabathandi bezobuciko lapho uzocobelela amaciko ngaphambi kokuthi adlulele eMzisho Stadium.

Ubumnandi uzobuthola eMsinga njengoba amaciko endawo azonandisa bukhoma eMzisho Stadium, uThobeka Mchunu okhulumela uMsinga United unxusa abalandeli baphume ngobuningi babo bezokweseka iqembu, bagqoke nemifaniswano yeqembu, kungenwa mahhala eMzisho Stadium ngicela abalandeli bafike ngo 13:00 emini ngoba khona entertainment


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.