
Iqembu le Mamelodi Sundowns FC liphinde laphula ilekhodi le Kaizer Chiefs lango 2015 lokungehlulwa emdlalweni engu 9, leliqembu liphindele esicongweni ngesikhathi lishaya iSuper Sports United ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni we Dstv Premiership League obuse Lucas Moripe Stadium. Ukunqoba kwe Mamelodi Sundowns FC kuvule igebe ngamaphuzu amabili ku Cape Town City elandela ngamaphuzu angu 25. IMamelodi Sundowns FC isalokhu liphokophele phambili njengoba lingekho iqembu elincintisana nalo. IMamelodi Sundowns imatasa tasa ngemidlalo ye CAF Champions League kanti izodlala ngalembelasonto ekuhambeni ne TP Mazembe yase DRC Congo emlezeni wokuqala we CAf Champions League lomdlalo uzoba ngonzima kakhulu njengoba Mazembe ngelinye lamaqembu amakhulu Africa noma lingadlali kahle njengoba lishintshe abadlali abaningi njenxa yokuthi sebekhulile
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
