
Umdlali wase muva waMaZulu FC UThembela Sikhakhane ubona ukuthi lesizukulwane esikhona kumanje singawuguqula umlando owashiywa ngo 1992 we Coca-Cola Cup lapho AmaZulu FC. Iqembu AmaZulu FC selokhu lagcina ukunqoba inkomishi, “Wonke umuntu eqenjini ukulambele ukunqoba lenkomishi ye Carling Black label Knockout Cup. sizodlala neqembu eliyingozi kakhulu i TS Galaxy edlala kahle kulesizini akumele nakancane siyithathe kalula, ngaba yinto enhle nakuthina ukunqoba lenkomishi ngoba umlando esowoshiyela isizukulwane esizayo nesohlala sikhuluma ngaso” kusho uSikhakhane.
“AmaZulu FC ngoba agcina ukunqoba inkomishi ngonyaka ka 1992 Coca-Cola Cup nje, aphinde angena kowamanqamu ngo 2010 we Nedbank Cup njengoba aphinde angena ngo 2022 ku MTN 8 Cup kodwa khona kushoda inhlanhla” kusho Sikhakhane, lomdlalo uzoba se Moses Mabhida Stadium ngomgqibelo ntambama ngo 15:00
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
