UMalema ufunga wagomela ukusiza uZuma

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ukholelwa ukuthi uMdumiseni Zuma wayengenakho ukumelwa okufanele. UMalema ufunge wagomela ukuthi uzomsiza uZuma.

“Angicabangi ukuthi lo Mgqugquzeli kaJulayi 2021 uMdumiseni Zuma akazange athole ukumelwa okufanele. Selokhu ngacela uSihlalo wethu weSifundazwe saKwaZulu-Natali ukuthi athole amaqiniso nokuthi singasiza kanjani.” kubhala loMholi ekhasini lakhe lenkundla yokuxhumana u-X (Twitter).

UZuma ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele ngokugqugquzela udlame emphakathini. Wangena enkingeni ngomthetho ngesikhathi egqugquzela abantu ukuthi benze udlame emphakathini ngesikhathi kunezibhelu KwaZulu-Natal naseGauteng ngo-2021.

Wafaka i-vidiyo yakhe engaphakathi enxanxatheleni yezitolo emema abantu ukuthi bazozitapela uma izoulwa ukusebenza ngakusasa. Kwaphela i-hora, leyonxanxathela yezitolo yahlaselwa yaze yashiswa. Ngokwemibiko, uZuma uvumile enkantolo ngesikhathi kuqhubeka leli cala ukuthi kungenzeka ukuthi isenzo sakhe sinxenxe abanye abaningi ukuthi bagebenge. Ngaleso sikhathi uMdumiseni wayengu ngunogada kulesi sikhungo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.