Ibheke ku-10 Million i-Paris

UMthandeni SK Manqele oyisihlabani somculi kamskandi ongaconsi phansi futhi wengoma eshisha izikhotha, evutha bhe! ethi-Paris ekuchungechunge lwe-Album esihloko sithi “Amakhothangqoko”. UManqele uthi iyamjabulisa impumelelo yengoma yakhe i-Paris ayishaya nentokazi uLwa Ndlunkulu wesitebele sikaBig Zulu iNkabi Nation. Lengoma isho ngesigqi esenza uyizwe ngisho izodlala umzuzwana futhi ibukeka izophula amarekhodi amaningi njengoba isaqhubeka ngokukhula ngesivinini enkundleni yama-ividiyo uYouTube. Lengoma lapho afike aidlale khona uMfoka Manqele kuele kuchwaze izihlwele ngendlela enongwe ngayo lengoma. UMthandeni ubashiye befuna impinda emcimbini we-Motsepe Foundation. “Yabona nje mfethu lengoma bafo! lengoma ilembe lezingoma buka nje, ithokozelwa abadala, ithokozelwe abancane. Zonke izinhlanga zaseAfrika zikhala ngobumnandi be-Paris. Uma nje uke wayizwa, uvele uzibone usunyakaza.” kusho umthandi walomculo othe unguGwabini.

Lengoma ekhishwe ngo-Mfumfu kulonyaka, ayamangaza amagalelo ayo nabekeka engamile, kanti nezinombolo ezilokhu ziqhubekile nokukhula. Ingoma i-Paris, yaqala ukuzwakala emsakazweni ngesikhathi uSK ezozithulela yena mathupha emsakazweni Izwi lomzansi FM eThekwini. Kulapho okwaele kwazwakala nje ukuthi nje ukuthi lengoma, izoba yinkinga kwezinye izingoma kulonyaka. Ephawula ohlelweni “Kumnandi Ekhaya” olushayaelwa umsakazi walomsakazo uKhaya “Lobilobi” Mthwesi, uManqele wathi lengoma yintsha sha, futhi okukuqala izwakala emsakazweni. “Yabona Mthwesi mfowethu njengoba ngilana nje namuhla, ngizokwethula umsebenzi wami omusha sha engiwsanda kuwukhipha. Kanti okukuqala uzodlalwa eMsakazweni “

Ingoma i-Paris seyibukwe ka 8,496,507 kuYouTube selekhu yafaka kulenkundla yama-vidiyo ngo-Aug 9, 2023. Amathuba okuthi ihlanganise u-10 Million kulonyaka maningi kwazise iphinde yaqokwa njengenye yezingoma ezisohlwini lwezingoma ezizovotelwa ukuba ihlukanise unyaka emsakazweni Ukhozi FM.

UMqanqele uthi ubonga abalandeli kanye neningizumu yonke ngokuthakasela lomsebenzi wakhe “Ngibonga abalandeli knaye neNgingizmu Afrika yonke ngothando elingitshengise lona ngithi ningaphezi niqhubeke njalo”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.