
Intokazi yase Dr Nkosazane Zuma Dlamini eyimbongi, uSinethemba Kunene uphokophele phambili ngobumbongi nokuhaya izinkondlo. Lentokazi ishiye abalandeli bezemidlalo KwaZulu-Natal okade bethamele umjahweni wamahhashi i-Summer Cup obuse eMakhuzeni befuna impinda. Ubuciko abukhombisile benze abalandeli bekiuthakasele kakhulu indlela ahaya ngayo izinkondlo futhi bafune impinda.
Lentokazi ixoxisane ne phephandaba lesizwe IBUNDA IZINDABA yasilandisa kabanzi ukuthi yona njengombali aphinde ahaye izinkondlo, kodwa uthando lwayo ngalobuciko ukudlulisa umyalezo ngobunkondlo njengoba engumbhali wazo izinkondlo. OkaKunene uthi ufisa ukuhamba ezinyathelweni zabo Mzwakhe Mbuli, Ntsiki Mazwai, Zolani Mkhiva. Kumanje uSinethemba usaqashwa ngomasipala abahlukene lapho afike khona besafuna impinda nathi uyakusimamela ngoba kudlal indima enkulu ekuqhakambiseni ikhono lakhe.
Lentokazi ithi isifiso sayo kakhulu ukuqopha ngapha umsebenzi wayo, kodwa ufuna ukuqopha izinkondlo zakhe, kodwa akakayitholi record deal , uphinde wanxenxa abathandi bomculo nezinkondlo ukuthi bamsekele ngomsebenzi wakhe.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
