Kukhuzwa abafundi ngeye-Pens Down Party

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, namhlanje uhlangene nabahweba ngotshwala eThekwini ngenhloso yokuthola izindlela zokuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kwamakhasimende abo. Lokhu kuvele njengoba izibalo zobugebengu zikhombisa ukuthi obunye ubugebengu buthinta ukusetshenziswa kabi kotshwala.

Khona manjalo uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, usukhiphe isexwayiso kubafundi uma beqeda ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka. “Matric, ningayi emaphathini ‘ayingozi’ noma niklebhule umfaniswano wenu. Sinxusa ukuthi abafundi banikele ngomfaniswano wesikole esikhundleni sokuwuklebhula” kunxusa uMnyango weZemfundo.

Lomkhankaso wethulwe kulandela inhlekelele yase-Enyobeni Tavern ngoJuni 2022, eyadlula nemiphefumulo yabantu abasha abangu-21. Lezi zingane zazivakashele le ndawo yokucima ukoma njengengxenye yemigubho yazo yokuqeda izivivinyo zaphakathi nonyaka. Izivivinyo eziqale mhlaka 30 October zizophothulwa ngokusemthethweni ngesonto elizayo ngoLwesithathu mhlaka 6 December.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.