
UMthobisi Gabuzela odume emculweni ngegama lika G-Ugly ngumculi wokuqala eMsinga ocula umculo we Traditional Hip-hop lomculi odabuka eMabomvini esigodini sase Nzala, uqophe umlando ngenyanga ka October eshiyelana inkundla nabaculi abafana no Rick Ross, Nick Nimaj, Sean Diddy Combus, Cassper Nyovest, Emtee, Khuli Chana labaculi kade behlangene eNew York City. Ekhuluma ne IBUNDA IZINDABA uG-Ugly uphonsele inselelo abafufusayo ukuthi akusho lutho ukuthi ukuqhamukaphi noma uzalwaphi, kuphela kumele uzimisele ngomsebenzi wakho owenzayo. lomculi oqale ukugqama ngesikhathi esafunda DUT ekatsheni elise Mgungundlovu, ebuzwa ukuthi ngabe uzodlala kuphi ngamaholidi ka Zibandlela ukhombe ukuthi ngeke asho ukuthi uzoba kuphi ngenxa yokuthi umatasa tasa nge Album yakhe ayiphushayo ephume ngo September
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
