Liphinde lanqoba umjaho ihhashi lodumo

UNxakanxa ihhashi lodumo lomtelebhelo liphinde lanqoba umjaho we Summer Cup eMakhuzeni. Lelihhashi ngonyaka odlule lenze imali elinganiselwa ku R800000, kodwa kulonyaka alenzanga kahle njengoba lahlukana nojonki walo omdala Doctor Mbatha, lihlulekile ukuvikela isicoco se Dundee July, lapho liphazanyiswe ngu Trouble Maker, lelihhashi limshaye lamkhipha ngisho emahhashini amathathu ahambe phambili, khona manjalo igqephu ibidlisa kakhulu kubasiki bendawo njengoba bebeyikhombisa, namaciko endawo bephume ngobuningi ukuzonandisa, nomphakathi wendawo yase eMakhuzeni bewuphume ngobuningi, isimo sezulu sibe sihle kakhulu njengoba libuye lidume line kodwa kulokhu lifudumalile kahle kwaze kwaphela umcimbi wonke


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.