Eric Tinkler “akudikizi ndawo ngamahemu hemu ngo Khanyisa Mayo”

Umqeqeshi we Cape Town City Eric Tinkler uthi akudikizi ndawo ngamahemu hemu ngo ngomgadli waleliqembu uKhanyisa Mayo, njengoba kusondele isikhathi sokuhwebelana ngabadlali njo January, lomgadli usevalele phakathi amagoli ayisikhombisa emdlalweni engu 13. ubambene ngomgadli we Moroka Swallows FC Tshegofatsho Mabasa, ngonyaka odlule wacazelana Golden Boots no Peter Shalulile ngamagoli angu 12, iMamelodi Sundowns FC kuke kwavela ukuthi iyamfuna lomgadli kanjalo ne Kaizer Chiefs kodwa bahluleka ukumthola, Mayo ngomunye wabadlali abanohlonzo ngaphansi kwe Dstv Premiership League njengoba usephenduke isithenjwa saleliqembu lase Cape Town, njengoba elisebenzela ngokuthembeka .


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.