
Umfundi webanga le-11 waphuthelwa ukuhlolwa kwakhe ngesonto eledlule ngoLwesihlanu ngesikhathi unogada wesikole afunda kusona emthumba ekilasini emdlwengula. Ngokusho kweZimoja, umsolwa uStephen Makgobatlou obuye abizwe ngelikaSimon Matome wase-Allemansdrift, eMpumalanga, uboshiwe wavela enkantolo.
Kusolakala ukuthi lo mfundi (16) ube ngowokuqala ukufika esikoleni ngesonto eledlule ngoLwesihlanu, wafica unogada esangweni wabe esedlulela ekilasini lakhe lapho ebefuna ukulungiselela ukuhlolwa kwakhe. Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala usiqinisekisile lesi sigameko. “Ngokuthola kwemininingwane, lo mfundi ufike ekuseni ngezithuba zabo-6:00 ekuseni, kanti uyena owafika kuqala esikoleni, wathi efika isango lesikole lavulwe kancane, unogada emi eduze kwesango. Wabingelela ngenhlonipho wabe esedlulela ekilasini lakhe eyozilungiselela,” kusho uMohlala.
Lo mfundi usola ukuthi kungakapheli mizuzu emingaki unogada wafika ekilasini lakhe wathi ufuna umsolwa obezama ukugqekeza, wamshiya ekilasini wabuya nensimbi, wamyalela ukuba eze naye, wamdonsa ngezingubo zakhe futhi wamesabisa ngokumshaya ngensimbi uma ebange umsindo.
“Uphoqeleke ukuthi angene ehlathini lapho unogada esolwa ngokumdlwengula. Ngaleso sikhathi abafundi nothisha bebengekho esikoleni,” kusho uMohlala othe isisulu sikwazile ukubaleka ngemuva kokuthi unogada esishiye sodwa eyothenga ukudla. “Uyalelwe ukuthi angayi ndawo umsolwa wamsabisa ngokuthi uzomgwaza ngensimbi amjikijele edamini eliseduze.
UMohlala uqhube wathi umsolwa, 48, uStephen Makgobatlou waboshwa ngalo lolo suku kusihlwa wathweswa icala lokudlwengula. UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela uthe isikole sifana nekhaya lesibili kubafundi. “Noma yimuphi umuntu owenza ubugebengu emagcekeni esikole ufana nomuntu okuhlasela ekhaya. Labo bantu kumele bachithe isikhathi ejele,” kusho uManamela.
