
Bese kungokwesishiyagalombili kule sizini iPirates ihluleka ukubhakuzisa amagoli, uRiveiro uthi inhlanhla ineqhaza emidlalweni efana nalena ngemuva kokuthi iPirates ishaye izinkuni ngasekupheleni komdlalo.
“Awu, 0-0 futhi. Akuwona umphumela ebesilindele ukuwuqoqa lapha ebusuku,” kusho uRiveiro etshela izintatheli. Akusona isiqalo esihle somdlalo, bawuqale kangcono kakhulu umdlalo kunathi, bebexhumene kakhulu. kanti thina besingadlali ngendlela ebesifuna ngayo. Siqale ukuwulawula kangcono umdlalo ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Ngesiwombe sesibili siwuphethe ngokugcwele umdlalo, sasondela ekutholeni amagoli amaningi.” kubeka lomqeqeshi, obebonakala nje ukuthi akeneme neze ngemiphumela yalomdlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
