“Ngizokwehla kuzona zonke izikhundla” Mavundla

Ngicela ukubingelela MaLime Nation namuhlanje ngiye enkantolo ngiyogwema imizamo yokungi xosha kwi ABC. Inkantolo ifike yathi udaba lwami aluphuthumi yabe isiluchitha. Lokhuke kusho ukuthi incwadi ebingixosha eqenjini nebingi xosha njenge khansela eMvoti okwamanje imile ngize ngiphumelele ekubuyekezeni icala.

Asihlulwanga amaqiniso lodwa solahlwe ngoku phuthuma kodaba. Kuzomeleke kubonakale indlela eyaphambili. Angisiyena umuntu ogweva namandla. Ngizokwehla kuzona zonke izikhundla ngilinde inkantolo ikhiphe umphumela wayo wokugcina.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.