
Inkakha yebhola likanobhutshuzwayo nowayengumdlali we-Orlando Pirates uThamsanqa Gabuza akakwazanga ukukhokha ibheyili ka-R5 000. Ngakho-ke, imantshi uPeggy Senne ugcine eyihlisile ibheyili wayibeka ku-R3,000.
“Ayikapheli inyanga futhi ushadile, unezingane, Unkosikazi akasebenzi. Angakhokha u-R2 000 kuphela, otholakala kalula,” kusho ummeli kaGabuza, uThemba Ngobeni.
Usuku olulandelayo lokuelaela enkantolo kuka-Gabuza luhlelelwe uDisemba 11 njengoba ebhekene necala lokuzama ukudlwengula, ukucekela phansi impahla kanye nodlame lwasekhaya.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
