
Kuphinde kwabulawa enye induna yomdabu yaseMandeni esifundazweni iKwaZulu-Natal. UMnuz Vela Henry Shandu womkhandlu wenkosi waseMathonsi eMandeni udutshulwe wabulawa izolo. Ngokombiko weKZN CoGTA, uShandu udutshulwe wabulawa esigodini saseKhovothi yindoda eyafika kwakhe yenza sengathi izoxoxa ngodaba lomhlaba.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta) uzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kuka Shandu. UNgqongqoshe uBongiwe Sithole-Moloi umemezele ukubulawa kwenduna uShandu wasesigodini sasoKhovothi ngaphansi koMkhandlu weNdabuko yaseMathonsi Mandeni eMandeni. “Siphatheke kabi kakhulu futhi sikhathazekile ngalezi zigameko ezilokhu ziqhubeka nokuhlukumeza isifundazwe sethu,” kusho uSithole-Moloi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
