
ISilo Misuzulu uhlangane nabaholi benhlangano ye IFP ephalamende elidala Olundi, lomhlangano ubuzodinginga ngezindaba ezingumgogodla njengoba KwaZulu ezithinta iNgonyama Trust, ukuqokwa kwandunankulu ka Zulu , iNgonyama iphinde yathembisa abaholi be IFP ukuthi iphalamende lizobuyela khona Olundi njengoba ebona bezosinqoba isifundazwe saKwaZulu Natal ngonyaka ozayo lapho kuzobe kunokhetho likazwelonke. ngizoba ngizovula isishayamthetho lapha Olundi sekubusa IFP ngemuva kokhetho, njengoba kwadlula emhlabeni uMntwana wakwa Phindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngibona ukuthi uvukile kunina njengoba bengibona ngisele ngedwa
“Namuhla wusuku olumqoka njengesethembiso esenziwa nguMhlonishwa uHlabisa ezinsukwini ezedlule. Ngiyathokoza ukuthi leso sethembiso sigcinekile. Isithombe esifika kimi njengoba nilapha nje namuhla ngesikaNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene. Angingabazi ukuthi lapho ekhona uyamamatheka. Namuhla ubona ubufakazi bokuthi iqembu alisungulayo limi lapho alisungulela khona futhi walishiya khona eduze neSihlalo.” kusho ISILO samaZulu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
