
Umndeni wakwa Mchunu ulaxazwe ngumlimi emgwaqeni eMvoti, lomndeni kumanje ukhoseliswe eholo lomphakathi ephasiwe, uMnuzane Richard Mchunu onguBaba wekhaya ulandise ibunda ukuthi wazalelwa khona eMissipa Farm ngo 1971, babuye basuswa ngabamhlophe ngesikhathi bedla umhlaba wabantu abamnyama, ngesikhathi uhulumeni uvula ithuba lokubuyisa umhlaba nabo bafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba, waqala wangena kulelipulazi wahlala nomndeni wakhe walima izitshalo ezahlukene okubalwa nensangu. kube sekuqhamuka uMnuzane Hasim Hassan wamtshela ukuthi uselithengile lelipulazi, ngemuva kwalapho uthunyelele isikhozi senkantolo amaphepha ambizela enkantolo, ezokwethula izithulo, Richard Mchunu ukhala ngokuthi uxoshelwe ukuthi ulima insangu , akukho lapho kuvela khona ukuthi akulona elakhe ipulazi, khona manjalo leliphendaba lixhumane nomneli ka Mchunu obemele uMnuzane Stewart Mkhize utshele leliphendaba ukuthi abuhlangani ubufakazi ngokuphelele ngo Mchunu , lokho okumdalele ukuthi inkantolo inqume ukumkhipha epulazini lakhe Missipa Farm, leliphendaba liphinde lixhumane no Mlimi mnuzane David wathi ulandele yena umthetho intatheli mayifike ezoyilandisa ngoba uhlushwa iNetwork esho ephetha, Mchunu uphethe ngokuthi lomlimi ubefike akhalise okwenkawu ezinganeni zakhe nokuwuphawu lokucwasa, kumanje ngisekubhaceni njengoba ngingazi ukuthi kuzokwenzekalani ngempilo kubalisa Mchunu, nosolomlomo kamasipala wase Mvoti uMnuzane Mfundo Zondo wabathembisa amaphasela okudla njengoba benganakho kodwa abakaze basizakale, wathembisa ukuletha osonhlalakahle kodwa abakaze balubhade lomndeni udinga usizo lukanoma ngubani njengoba ungenayo nendawo yokuhlala,
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
