
ISIHLABANI esingaconsi phansi ebholeni elikhahlelwayo uThembinkosi Lorch odlalela i-Orlando Pirates, uthole isigwebo seminyaka emithathu ejele, kepha sasesilengiswa iminyaka emihlanu ngemuva kokutholwa enecala lokushaya owayeyintombi yakhe.
ULorch, 30, utholwe enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza, kanti bekulindeleke ukuthi asithole lesi gwebo sakhe ngoJulayi kodwa icala lahlehliswa izikhathi eziningi ngemva kokuba uLorch ecele isikhathi esengeziwe.
ULorch uvele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ukuze azolalela isinqumo, wathola isigwebo esilengisiwe seminyaka emihlanu, waphinde wayalelwa ukuba akhokhe u-R100 000 kubantu abaphikisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane, okuwukuhlukumeza ngokobulili (GBV).
Ngaphezu kwalokho, kumenyezelwe ukuthi akakulungele ukuba nesibhamu ngaphansi komthetho iFirearms Control Act. I-National Prosecuting Authority of South Africa yakhipha isitatimende esilandelayo ngokhulumela i-NPA Regional Division-Gauteng Local Division, uPhindi Mjonondwane mayelana necala likaLorch, eqinisekisa ukuthi utholwe enecala lokushaya owayeyintombi yakhe uFundiswa Nokuphiwa Mathithibala.
“Umdlali webhola uThembinkosi Lorch utholwe enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza, yiNkantolo yeMantshi yaseRandburg. Icala limayelana nesikhalo esafakwa yintombi yakhe emaphoyiseni aseMidrand ngoSepthemba 2020, esaholela ekuboshweni kwakhe waphinde wadedelwa ngebheyili ka-R2000.”
UThembinkosi Lorch waboshwa ngomhlaka-7 Septhemba 2020, kulandela isigameko esenzeka lapho ehlala khona eMidrand, ngomhlaka-06 Septhemba 2020.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
