UKaizer Motaung udluliswe amandla ezinganeni zakhe

UMn Kiazer Motaunge ongumsunguli kanye nomnikazi weqembu elikhulukazi eningizimu Afrika i-Kiazer Chiefs. Isithombe: Sithunyeliwe

UDr Kaizer Motaung ongumnikazi we Kaizer Chiefs uthi amandla usewadlulisela kundodana wakhe Kaizer Junior Motaung. “Ngibona ukuthi sekumele ngiwadlulisele amandla kuyena ukuthi aphathe leliqembu elinomlando omude ebholeni lakuleli, bakhona nabafowabo Bobby Motaung odadewabo Jassica Motaung, Kemitso Motaung abazombambisana nabo,” kusho uMotaung. Khona manjalo uKaizer Junior Motaung umthembisile ubaba wakhe wathi udumo le Kaizer Chiefs bazolibuyisela endaweni yalo.

Iqembu le-Kaizer Chiefs laduma kakhulu ngokunqoba izindebe eziningi njengoba yagcina isiqanjwa igama lokuthi ngamakhosi ezinkomishi. Leliqembu lakhiqiza abadlali abaningi abanohlonzo singabala abambalwa ngo Botsotso Dladla, Ace Ntsholenge, Ace Khuse, Jan Malombo Lechaba, Doctor Khumalo, John Shoes Moshoeu, Fani Madida, Trevor Kk Mthimkhulu, Simphiwe Tshabalala, Jabu Pule Mahlangu, Thabo Mooki, Thabang Lebese, Vusi Computer Lamula


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.